Previous Page  7 / 16 Next Page
Information
Show Menu
Previous Page 7 / 16 Next Page
Page Background

MADE POSSIBLE BY

THE MAIZE TRUST

7

A

BALIMI BANGAPHANSI KWENKULU INGCINDEZI

YEZINDLEKO EZIDALWA UKWENYUKA OKUBO-

NAKALAYO KWAMANANI AMA-

INPUT

OKUBALWA

KUWO I-

MINIMUMWAGES

. INDLELA YOKUNQOBA

INGCINDEZI UKUKHULISA UMKHIQIZO. KUMA-

ATHIKHILI APHAMBILINI SIXOXILE NGEZINYE IZINDLELA EZI-

NGASETSHENZISWA UKUZE KWENYUSWE IMALI ENGENAYO

NA/NOMA UKWEHLISA IZINDLEKO ZOKUNAKEKELA IPHROFITHI

IHLALE IKHONA.

Empeleni, abalimi kufanele bezame ukutshala kakhulu na/noma kangcono

ukuze bagcine iphrofithi ihlale iba khona. Ngakho ke kuyadingeka ukuse-

benzisa umzamo wokugcina iphrofithi ngezindlela zonke ezahlukene.

Kule athikhili sizogxila kubasebenzi bebhizinisi nobudlelwano babo

nomqashi wabo okwaziwa ngokuthi ezabasebenzi. Ingcindezi yezezimali

iphoqa abanikazi/izimenenja zebhizinisi ukuba zibheke abasebenzi bazo

ngendlela ehlukile. Izindleko zabasebenzi zikhuphuke kakhulu futhi kelezi

zinsuku zingezinye zezindleko eziphuzelu ebhizinisini.

Ukukhiqiza epulazini kuhambelana nabasebenzi abaningi abenza

umsebenzi, isikhathi esithathwayo ukwenza umsebenzi kanye nemi-

phumela yomzamo womsebenzi. Uma abasebenzi bekhiqiza kakhulu,

bonga isikhathi na/noma basebenzisa izinsiza ngokugculisayo nemi-

phumela engcono. Imiphumela kuba ukuncipha kwezindleko na/noma

ukwanda kwemali engenayo.

NGABE NGINGAWENZA KANJANI UMKHIQIZO KANGONO?

Ukuze kwenziwe umsebenzi kubandakanyeka abantu nabo basebenzisa ezi-

nye izinsiza (amathulusi nempahla yokusebenza) Ngakho ke

umsebenzi =

abantu x izinsiza

. Ngakho ke abantu bangumgogodla ekubeni umsebenzi

wenzeke kanti nomqondo wabo ubalulekile. Imigomo okufanele kuxoxwe

ngayo iyasebenza noma unomsebenzi oyedwa noma ngaphezulu.

Esikhathini esiphambili abaqashi bebengazi ukuthi isimo somqondo

wabasebenzi sibalulekile ekukhiqizeni. Umqondo ojwayelekile bekuba

ukuthi abantu abafuni ukusebenza, kudingeka baphoqwe futhi babehluku-

nyezwa ukuze ubenze ukuba basebenze. Umphumela walokho kwabe ku-

wukungabikho kobudlelwano nabasebenzi. Izinto zaba zimbi kakhulu kwaze

kwaze kwangenelela uhulumeni ngomezamo wokulawula ubudlelwano

ngokomthetho. ENingizimu Afrika sinendathane yemithetho yezabasebenzi

okubalwa kuyo Umthetho wezabaSebenzi phecelezi i-

Labour Relationship

Act

. Ngokugcina umithetho evunyiwe, abaqashi sebevelo benza isisombu-

lulo sobudlelwano obungcono. Kodwa, kuningi okukhona ekwakhiweni

kobudlelwano obuhle kunezindaba nje ezishiwo ngumthetho.

Kubekwe kakhulu ukuthi isimo somqondo wabasebenzi sinomthelela

omkhulu ekukhiqizeni. Ubudlelwano phakathi komqashi nomsebenzi bu-

wukhiye enjabulweni endaweni yokusebenza nokuxhumana nesisebenzi.

Ukungaphathwa kahle kwabasebenzi, umphumela walokho kuba yisimo

mqondo esingasihle kubasebenzi, kanjalo nakumqashi. Abasebenzi abane-

simo mqondo esingasihle basebenza kancane banwabuluke, umsebenzi

bawenza ngokunganaki, bayawephula amathuluzi nezinye izinsiza, benza

umsebenzi ongagculisi, bafika emva kwesikhathi emsebenzini, bathatha

izinsuku bethi beyagula isidingo singekho, nukonye okuningi. Lezi yizo

zonke izinkinga ezidala ukwehla komkhiqizo ube phansi.

Uma abasebenzi bekhuthazekile futhi bephethwe ngendlela efanele,

bazoba nomqondo ovumayo futhi bazozinikela ekwenzeni umsebenzi

ngokufanelekile bazophinde babe abasebenzi abathembekile. Imiphume-

la – umkhiqizo uba ngcono. Inselelo kubaqashi kuba ukuthi kufanele ba-

baphathe kanjani abasebenzi ukuze bagqugquzeleke ukutheni benze

umsebenzi ngokugculisayo. Ukusebenza nabantu kungaba nzima ngenxa

yokuziphatha ngezindlela ezingafani, ukuphakama kwemimoya, imicaba-

ngo, ukuziphatha nangezenzo.

Kafushane, kufanele uphathe abasebenzi bakho njengabantu futhi na-

njengoba ungathanda ukuba imenenja ikuphathe ngayo. Phatha abasebenzi

bakho ngesizotha, ngenhlonipho, ungenzeleli ngaphansi kwazo zonke izimo,

ubone umfutho wabo, ubanikeze umesebenzi bazibophezele, baqeqeshe

futhi ubanike umvuzo ngokufanelekile. Khuluma nabasebenzi bakho njalo

mayelana nombono wakho nokuhlosile nezinjongo zebhizinisi nendima yabo

ukuze ukufezekise lokhu. Ungakhohlwa ukukhuluma nabasebenzi bakho

ngendlela abasebenza ngayo futhi ubancome futhi ubabonge uma isidingo

sikhona ngokwenza kwabo umsebenzi omuhle. Ungabakhulumi kabi abase-

benzi bakho. Kodwa futhi, uqinise futhi uqine ngalokho okulindele kubona.

Uma umsebenzi ephambukile, thatha izinyathelo ezifanele ngokwenqubo

yakho nangendlela yokumqondisa izigwegwe nangokuziphatha. Ngaleyo

ndlela baphathe ngokungenzeleli nangokuba nomthetho oqinile.

Uma welulekwa ngokuthi kufanele abasebenzi bakho ubaphathe

njengabantu, asisho ukuthi kufanele ubaphathe ‘njengabangani bakho’

kukude kakhulu kunalokho.

Ukuze uthole umkhiqizo omningi uphinde uqinisekise ukuthi ibhizinisi

lihamba phambili, kufanele lokho ukuthole kubasebenzi bakho. Udinga abase-

benzi abazinikele nabankamunkamu. Ukuze uphumelele kulokhu, kufanele

futhi ucabange indlela oqasha ngayo abantu. Qinisekisa ukuthi yimaphi ama-

khwalithi owafunayo. Ngabe ukutholile ukuhlaziwa komsebenzi ngokulungile?

Ngabe uyabaqeqesha emsebenzini abawenzayo? Ngabe uyawazi amandla

nobuthakathaka bomsebenzi ngamunye futhi ukusebenzisa ngendlela lokho?

Iqiniso nanti, Ungabaphatha kanjani abasebenzi bakho uma ungabazi bonke

ngamunye? Ukuze ube umuntu okhiqizayo kufanele ukhuthazeke futhi ube

nomqondo omuhle namandla namakhono adingekayo.

Abasebenzi bakhe ubaphathe ngobuhlakani ukuze ukhulise uku-

khiqiza futhi ukhulise nephrofithi yakho. Umkhiqizo ophezulu ungadala

ukuncipha kwezindleko na/noma ukhulise imali engenayo, lokho ku-

zoletha iphrofithi engcono ezohlomulisa bonke ababandakanyeka

ebhizinisini – umqashi nabasebenzi.

Ukusebenzela ukuba

nabasebenzi

abazinikele nabankamunkamu

U-Marius Greyling, umbhali

wePula Imvula. Thumela i-imeyili

ku-mariusg@mcgacc.co.za

Ukuba nobudlelwano obuhle nabasebenzi bakho

kuzokhulisa umkhiqizo kanye nenzuzo yakho.