Previous Page  8 / 16 Next Page
Information
Show Menu
Previous Page 8 / 16 Next Page
Page Background

MADE POSSIBLE BY

THE MAIZE TRUST

8

K

ULE ATHIKHILI SIZONIKEZA INCAZELO JIKELELE

YESIZINI YOKUMAKETHA KA-2020/2021, NGO-

KWEMIGOMO YESAPLAYI NEDIMANDI KANYE

NAMANANI ENTENGO.

IZIMO ZEZIMAKETHE ZAMAZWE

Kubukeka kuzokwenzeka okuhle ngesizini entsha

yommbila emhlabeni jikelele, nomkhiqizo olindelekile

ozokwedlula wangesizini edlule ngo-2,8%. Kodwa,

izimo ezinhle zezulu ziphansi kwezinye izingxenye

zamazwe akhiqiza kakhulu kubambezela ukuvuna

kanye nokutshala, lokhu kuhambisana nedimandi

enamandla, ikakhulukazi esuka e-China. Umthelela

ubonakala ngokwenyuka kwamanani entengo kubakhi-

qizi abakhulu abafana ne-USA, i-Ukraine, i-Brazil ne-

Argentina; ngenxa yalokho, sibone amanani entengo

ekhuphuka nase Ningizimu Afrika, ngenxa yomthelela

wesimo sokukhiqiza kanye ne-axchange rate yalawo

mazwe anakho ezimakethe zethu zasekhaya.

IZIMO ZEZIMAKETHE ZAKULELI

Ngokwama figa akamuva e-SAGIS, amadilivari omkhiqizi

wommbila ngasekupheleni kuka-Okthoba isamba sawo

sibe ku-13,8 wezigidi zamathani, u-7,9 wezigidi zamathani

kube ummbila omhlophe kanti u-5,9 wezigidi zamathani

kwaba ummbila ophuzi, kwafinyelela ku-93,6% ngoko-

mbiko wokhiqizo okhishwe yi-

Crop Estimates Committee

(CEC)

(

Ithebula 1

).

Akumangalisi ukuthi asinawo ummbila esiwuthenga

emazweni angaphandle, ngenxa yesilimo esikhulu sale

sizini. Isitoko sokuvala esilindelekile sokuphela kwesizini

(30 Ephreli 2021) silinganiselwa kuba ku- 1,887 wezigidi

zamathani ngenyanga. Uma siphrosesa cishe u-939 083

wamathani ngenyanga ngokwe-avareji, lokhu kusho

ukuthi sizoba nesitoko esisemazingeni anele esizosi-

qhuba izinyanga ezimbili noma izinsuku ezingama-61

ekupheleni kwesizini, ngaphambi kokuba kufike amadili-

vali amasha noma sizothenga kwamanye amazwe.

Idomestiki dimandi yommbila isasesimeni esihle

U-5,6 wezigidi zamathani ommbila, waphroseselwa

ukudliwa abantu, ukudla kwezilwane kanye ne-

gristing

,

lokhu kwaba ukukhula ngo-4,5% uma kuqhathaniswa

ngesikhathi esifanayo ngonyaka odlule. U ma sibhe-

ka

uThebula 2

, ukuphroseswa kommbila omhlophe

kukhule ngo-25%, ngokudla kwemfuyo okuthatha

ummbila omningi omhlophe. Kube khona ukwehla

jikele ngo-14% kommbila ophuzi uma kuqhathaniswa

ngesikhathi esifanayo ngonyaka odlule, nokwehla

kakhulu kwe-

gristing

.

Okungenzeka emakethe

yommbila ngesizini ezayo

U-Ikageng Maluleke, uSomnotho

wezoLimo, kwa-Grain SA. Thumela

i-imeyili ku-Ikageng@grainsa.co.za

1

2019/2020

2020/2021

Isaplayi

Amathani

Amathani

Isitoko sokuvula

2 663 086

1 000 601

Okudilivwa ngumkhiqizi

10 887 053

14 750 220

Okuthengwa emazweni

509 684

0

Amadilivari okuqala

15 057

-1 241

Okusele

22 336

28 000

Isamba sesaplayi

14 082 159

15 777 580

Idimandi

Idimandi yakuleli

11 106 412

11 269 000

Ochwepheshe

1 745 000

2 560 000

• Imikhiqizo

360 812

300 000

• I-

Whole maize

1 448 761

2 150 000

Isamba sedimandi

13 081 558

13 890 500

Izitoko zokuvala (30 Ephreli)

1 00 601

1 887 080

Isaplayi yakuleli nedimandi.

1

Ummbila wakuleli omhlophe nophuzi othunyelwa emazweni ngeviki.

Umthombo: SAGIS