Previous Page  3 / 16 Next Page
Information
Show Menu
Previous Page 3 / 16 Next Page
Page Background

MADE POSSIBLE BY

THE MAIZE TRUST

3

ezinesomiso ngakho sifuna ukutshala amadlelo amaningi otshani kanye

nezilimo eziyisembozo.

Umsebenzi wokukhiqiza wanoma yiliphi ibhizinisi ungahlaziwa

ngokubuza imibuzo enje:

• Impumelelo yomsebenzi – ngifinyelela kanjani egolini lebhizinisi lami?

• Impumelelo yekhono – yiziphi izindleko ongene kuzo endleleni

yokuphumelelisa igoli lakho?

Imenenja umuntu oplanayo, ohlelayo, oqondisayo nolawula ukwa-

belwa kwabantu, impahla phecelezi

material

, izimali kanye nolwazi

lwezinsiza zokulandela amagoli ebhizinisi futhi uma ungumlimi kusho

ukuthi WENA! Ngabe ucophelela kangakanani nokuhlaziya uma upla-

na imisebenzi yakho yokulima? Ngabe uqoqa ulwazi, ukubheka inda-

wo yezolimo, ukulinganisa umsebenzi wezithukuthuku zakho, izimoto

zakho namasamplimenti, amasimu akho? Ngabe ukucabanga kwakho

ngokujulile kungakanani okuletha ekulimeni kwakho?

Ukuphazamisa amaphethini amadala

ajwayelekile emkhakheni wezolimo

Kwesinye isikhathi ushintsho luthambile nangokuzikhethela kwakho,

isibonelo, mhlawumbe kudingeka silethe isilimo sesithathu kusistimu

yethu yokushintshanisa izilimo noma mhlawumbe kudingeka siqashe

enye insimu ukuze sikwazi ukuthi kube kuqhubeka ukushintshanisa;

kodwa kunezikhathi eziningi lapho kufika khona isidingo sokushi-

ntshanisa siba sikhulu kakhulu ‘ebusweni bakho’ kuze kungakhu-

luleki futhi kube yinselelo enkulu. Akekho kithina owabiza isomiso

noma ukuguquka kwesimo sezulu ezimpilweni zethu kodwa siqinisile

ngokubhekana nezinkinga futhi sijwayeze amasistimu okulima ukuze

simelane kangcono nalezi zinselelo.

Kulula kabi ukuthi cha oguqukweni kodwa akukhona ukuhlakanipha

Qinisekisa ukuthi izizathu zakho akuzona izaba nje nemizamo yoku-

hlala entweni ejwayelekile: Anginaso isikhathi esanele; ayikho imali

eyanele; sengimdala kakhulu ukuba ngingashintsha; Angazi ukuthi

ngingashintsha kanjani; ngizokwazi kanjani ukuthi kuzoba usizo …

uguquko ludinga isibindi.

Kukangakhi singabhekani nemiqondo

emisha emkhakheni wezolimo?

Eminyangeni engama-40 sisekulimeni senze izinguquko eziningi,

ubuchwepheshe obusha, izinguquko kumadimandi abathengi, ama-

sistimu angcono, ingcindezi ngemisebenzi ekuncipheni kwenzuzo;

izinguquko zamaplane omshwalensi kanye namathuba oxhaso lweze-

zimali. Ngakho sezwa:

• ‘Okukhulu kungcono’ – ngabe lokhu kusho ukuthi umsebenzi wami

wokulima mncane noma awuqinile?

• ‘Ithileji eminimamu’, ‘ino – thileji’, ‘i-

conservation tillage

’ – igama

elisha elidumile elithi ulusungulwa kabusha kokulima phecelezi

regenerative farming

’; – yuliphi elilungele mina? Yiliphi enginga-

likhona?

• ‘I-

Climate smart farming

’ – Ngingumlimi omncane phecelezi

i-

small-scale

; ngingashintshela kanjani ku-

climate smart farming

?

Ngubani owaziyo ukuthi yini engcono esifundeni sami? Ubani oku-

fanele ngimlalele?

ISIPHETHO

Qina isibindi futhi uyivume leyo ngcindezi yoguquko luhlale lukhona.

Akuyona yonke into okufanele iguqulwe. Kodwa kudingeka ukuthi si-

nethiwekhe, asizifundiseni thina, sixhume emibonweni yochwephe-

she futhi silubone lolo guquko ngezinhlobo eziningi kubalulekile

empilweni nasemsebenzini womlimi. Abalimi abaphumelelayo naba-

guqukayo babalulekile ekwakheni izwe lethu. Ukuthuthuka ngamunye

nasekulimeni koyedwa akuguquki futhi kungamandla adingekayo.

Ukuthanda ukulalela, ukufunda nokuguquka ukuqala kwempume-

lelo. Umqondo wokugcina futhi: ‘Izolo bengihlakaniphile ngakho ke

bengifuna ukuguqula umhlaba. Namuhla nginobuhlakani ngakho ke

ngiziguqukela mina!’