Previous Page  2 / 16 Next Page
Information
Show Menu
Previous Page 2 / 16 Next Page
Page Background

MADE POSSIBLE BY

THE MAIZE TRUST

2

I

ZWI

L

IKA…

Jannie de Villiers

E

NINGIZIMU AFRIKA BEKUWUNYAKA OMUHLE

KWEZOLIMO KULE SIZINI EDLULE. IZILIMO

BEZIZINHLE, NGAPHANDLE NJE KE KOKUTHI

IMVULA IFIKE EMVA KWESIKHATHI. ISIBIKE-

ZELO SESIZINI ENTSHA OKWAMANJE NASO

SIBUKEKA SISIHLE. INDAWO LAPHO ABALIMI ABASHA

ABEBHEKENE NESOMISO KUYO YIZIMALI ZOKUXHASA

IZILIMO. UBUNGOZI BOKUNATHANDI KWAMABHANGE

OMNOTHO UKUXHASA IZILIMO ZETHU KUYADUMAZA.

UMA LUNGEKHO UGUQUKO, NGEKE SIKUBONE UKUKHU-

LA KULO MKHAKHA.

Mhlawumbe sekuyisikhathi sokuba kubhekisiswe uMthetho weZikwele-

tu ozovulela ithuba elikhulu lemigomo ezolawula ukukhiqizwa kokudla.

Sinesomiso futhi ohlangothini lwamaphrojekthi kahulumeni. Ikhona

imali eyanele, kodwa kungani kufanele ifike emva kwesikhathi yonke

iminyaka kuze kube manje asiyitholi impendulo. Isimo sokuba umni-

kazi wezinto kodwa zingadedelwa kweBhange loMhlaba i-Land Bank

nakho akusizi. Lesi yisikhungo sikahulumeni okufanele senze kahle uma

intuthuko kungumsebenzi waso. Ngikuthola kunzima ukukholwa ukuthi

uhulumeni ucabanga ukukhipha i-SAA ekuhluphekeni kwayo, kodwa

hhayi i-Land Bank.

Kodwa, ngaphandle kwazo zonke lezi zinkinga zokungaxhaswa

kwabalimi ngemali yezilimo, amathani akhiqizwayo ayakhula. Uku-

bekezela okwenza umhlaba wabalimi baseNingizimu Afrika waziwe

nakho sekukhona kubalimi abasebasha. I-‘

’n Boer maak ‘n plan

’,

yi-DNA yabalimi bonke, kungakhathalekile ngosayizi. Iphrogramu

eThuthukisa abaLimi i-Grain SA isayine isivumelwano esisha naba-

xhasi abazosiza abalimi bethu ngezimali. Ezinye zalezi zivumelwano

zifinyelela nangaphezulu kweminyaka emine. Lokhu kuyakhuthaza

kakhulu. Abalimi abakula maphrogremu alawulwa yi-Grain SA benze

kahle nabaxhasi bakhuthazekile ngemiphumela.

Ekugcineni, iGrain SA yenze utshalo olusha lokuthuthukisa ezokuli-

ma. Sithole inkampani entsha: iPahama Grain Phakama. Le nkampani

izogxila kuphela ekuthuthukiseni abalimi bokusahlamvu futhi izoholwa

abaholi beGrain SA iphinde iphathwe yisitafu seGrain SA.

Nginifisela ukuvuna okuhla kuka-2021. UNkulunkulu asiphe izi-

mvula ezinhle, njengoba Asithumelela iNdodana Yakhe eYodwa ukuba

isinikeze ithuba lokukhula nokuthela izithelo ezinhle ekubuyeni Kwayo

ngelinye ilanga. Nibe noKhisimusi omuhle nonyaka omusha onempu-

melelo ongenayo i-COVID.

Uguquko aluvinjwa...

Ubaba wami wathula, kodwa ngosuku olulandelayo wenza iphoyinti

lokuyohlolwa izindlebe zakhe, futhi wazibhukela ukuba ayohlolwa

abezempilo. Wanquma futhi ukuthi esikhundleni sokulindela ukuthi

abantu bamfonele, ukhona azomfonela yena osipesheli njalo ngo-

suku bavuselelane baxoxe izindaba zabo zakamuva … futhi wakwe-

nza lokho!

Ngosuku olulandelayo wathatha ifenisha endala waqala ukuyihwaya

kwathi ngamahora ambalwa yabe isiguqukile isibukeka iyintsha ceke – ka-

ngangokuba zonke izingane zamcela ukuba aziphe yona. Lokhu kwaqalisa

uchungechunge lokwenziwa kwemisebenzi. Waqala ukuhambela izindali

ethenga ifenisha yokhuni endala futhi eyivuse ibe yinhle bese eyipha abantu.

Masinyane izinsuku zakhe zaba matasa zagcwala injabulo. Ngesikhathi enesi-

zungu futhi ehlezi yedwa bezingekho izindali futhi engekho nakhuluma naye,

ngakho esikhundleni sokwentuleka komsebenzi wezinkuni, waqala ukwenza

amathoyizi amahle okhuni. Eneminyaka engama-86 usafunda amakhono

amasha zonke izinsuku. Ukuzithemba kwakhe kukhula zonke izinsuku. Ubaba

wami ushintshile. Kumnandi ukuhlala naye futhi usabalalisa izinhlobo zakhe

ezehlukile zothando nokunakekela. Usamkhumbula uMama zonke izinsuku

– kodwa uphila impilo enhle futhi ufakelana ugqozi futhi nabazukulwana

bakhe bayathanda ukudlala ngezimoto zabo namathraki awakhandayo!

Ayikho inqubekelaphambili engenzeka ngaphandle koguquko; nalabo aba-

ngaziguquli izingqondo zabo akukho abangakuguqula!

‘KODWA BESIHLALE SIKWENZA NJALO NGALE NDLELA!’

Lo ngomunye wemishwana eyingozi kakhulu. Ezinye izindlela ezindala

zinhle kodwa kuyadinga ukuba uyihlole i-

value

yokwenza izinto ngendlela

obekuhlezi kwenziwa ngayo izinto futhi kubuzakale ukuthi ngabe zikhona

yini izindlela ezintsha, ezehlukile zokwenza. Ukushintsha umuntu noma

amaplane omuntu kuyinselelo, kodwa ukuvuma ukujwayeza nokuguqu-

ka kusho ukuthi uzimisele ukwenza noma yini ukuze ukhande izinto ezi-

ntsha zekusasa elingcono. Ushintsho luyadingeka futhi ngezinye izikhathi

kudingeka sike sime sizibheke izimpilo zethu, amabhizinisi, amagoli ethu

nesikuhlosile. Kudingeka sizibuze ukuthi yini okufanele sicabange uku-

yishintsha. U-Winston Churchill wake wathi: ‘Ukuba ngcono ukushintsha;

ukuba kahle kakhulu ukushintsha njalo!’

UMSEBENZI WOKUKHIQIZA

Isisekelo somgomo wokuphathwa kwebhizinisi uthi: ‘Zonke izinhla-

ngano zabantu nemathiriyali yezinsiza kufanele zisetshenziswe kahle

ngendlela efanele nangesikhathi esifanele ukusungula imikhiqizo eyi-

khwalithi ephezulu ngentengo eyiminimamu’. Lokhu kusho ukuthi

ukuhlala esikhathini samanje nokwenza izinguquko ngezikhathi zonke,

isibonelo kudingeka senze ibhange lokudla elingcono ukuze sinciphise

ingcindezi nezindleko ezedalwe ukondla imfuyo yethu ngezinyanga

Zonke izinhlangano zabantu nemathiriyali

yezinsiza kufanele zisetshenziswe kahle

ngendlela efanele nangesikhathi esifanele

ukusungula imikhiqizo eyikhwalithi

ephezulu ngentengo eyiminimamu.